
Umhlangano NoSonkontileka: Isixazululo Sokungakhokhelwa
Appointment with MEC Duma |
Udaba lokungakhokhelwa kosonkontileka nama service provider ethu lwethulwa ngu MEC Siboniso Duma ePhalamende ngesonto eledlule.
Kusukela ngo April 2025, uMthombeni uhlale enza umbiko ePhalamende nakwi Cabinet ngoba efuna isixazululo.
Amalunga ahloniphekile ePhalamende avumelana wonke ukuthi fanele kube nomhlangano ne KZN Treasury ukuze kusizakale iDepartment of Transport engaphansi kwengcindezi.
Kwi Budget yeDepartment ekwa Treasury engu R13 billion, sithola imali eshodayo engu R200 million ngenyanga – kwesinye isikhathi R500 million kuya ku R700 million. Lemali ayeneli ukukhokhela ama service provider.
Isikhathi esiningi inhloko yoMnyango entsha uZibusiso Dlamini uxhumana ne Treasury kwi Province ukuthola imali engu R1 billion zonke izinyanga ukuze kukhokheleke wonke ama service provider.
UDlamini seqale uchunguchunge lwemizamo esebenzisana no DG kwaTransport kuzwelonke ukuze i department ithole imali eyi conditional grant zonke izinyanga.
Kuzoba nomhlangano nama Contractor kusasa 04 May 2026, ukuze kubanjwane ngezandla kusetshenziswane ukuzekwakhiwe isifundazwe esiqhakazile.
UMnyango uzwelana nama contractor, imindeni yabo nabo bonke abathintekayo.

