
Baphinde Bahlomula Abakhahlanyezwa Izikhukhula
UMeya kamaspala uMhlabuyalingana uMhlonishwa Cllr T.S. Khumalo wamukele amaphasela okudla angu 156 kanye nezipontshi ezivela kuMsamariya olungileyo I-Gift of the Givers.
Usuku: 11 February 2026
Isikhathi: 10H00
Indawo: Ward 16 Zwelinye Primary School
UMeya ubehambisana nokhansela wase ward 16 u-Cllr N.J. Khumalo kanye nokhansela wase ward 18 u-Cllr B. E. Biyela behlangane nengxeye yomphakathi owakhahlamezwa izikhukhula. Siyaqonda ukuthi akusiwona kuphela amawadi amabili athintekayo kodwa iningi labantu elathinteka livela kulamawadi amabili. Ithimba elibheke izinhlekelele lizoqhubeka nokuhlela ukuthi amaphasela okudla ayafinyelela nakulamanye amawadi angabanga yingxenye namuhla.
UMeya ubonge kakhulu inhlangano eyaziwa nge-Gift of the Givers ngokungenelela kwayo eMhlabuyalingana selokhu kwaba nezikhukhula kuze kube manje.

