
UMeya Ubeyokotha Inkosi Yesizwe SakwaMbila Njengoba Izogcagcelwa
UMEYA kaMaspala Umhlabuyalingana Mhlonishwa Cllr T.S. Khumalo namuhla uhambele kwelakomkhulu eyokotha iNkosi yesizwe sakwa Mbila njengoba ziyawushaya eNdlukulu INkosi yesizwe sakwaMbila. Inkosi N.I. Zikhali izogcagcelwa uNdlunkulu wayo u N.P. Mpanza ovela laphaya eMondlo ngaphansi kwesizwe seNkosi yakwaMdlalose. Umeya ngenkathi eyokotha iNkosi ubengahambi yedwa kodwa ubephelezelwa uSomlomo woMkhandlu waseMhlabuyalingana uCllr M.D. Mathenjwa, ukhansela wase-Ward 2 Cllr J.P. Zikhali kanye noMphathi kaMasipala uMhlabuyalingana uMnu N.P.E. Myeni.
Okhulumele ubukhosi besizwe sakwaMbila Mntwana Ben Zikhali uthi wonke amalungiselelo asemi ngomumo okwamukela undlunkulu wabo ‘esingakusho nje ukuthi asisakwazi nokuzibamba ngendlela esithokoze ngayo sesifisa ngabe uMngqibelo ukusasa samukele uNdlunkulu wesizwe. Inkosi izobe igcagcelwa ngosuku lwezithandani umhlaka 14 kuNhlolanja (kuyo lenyanga ephezulu).
Inkosi N.I. Zikhali yesizwe samaNgwane uthe uswela amazwi izinkulungwane zokubonga UMkhandlu wase mhlabuyalingana njengoba ufike nesipho esingaka lokhu kukhomba ukubambisana esizweni.

