
Ube Yimpumelelo Umkhosi Womthayi Walonyaka
Ube yimpumelelo umkhosi woMthayi walonyaka obubanjelwe eHlalankosi eMfihlweni namhlanje. Lomkhosi ubuhanjelwe izicukuthwane ezivela ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo abamele uhulumeni wesifundazwe abekade beholwa ngumhlonishwa u-Blessed Gwala, abamele iSilo saMabandla abekade beholwa nguMntwana Thulani Zulu kanye neNkosi yesizwe saKwaZondi, oMeya abavela komasipala abahlukene okubalwa uMeya wase-City of Mhlathuze u-Cllr Xolani Ngwezi kanye noMeya waseMfolozi Local Municipality u-Cllr Xolani Bhengu, u-CEO wase-Simangaliso Wetland Park kanye nabanye abaningi.
UMeya kamaspala uMhlabuyalingana uMhlonishwa u-Cllr T.S. Khumalo ubophezele umaspala ukweseka amakhosi amane aseMhlabuyalingana wethembisa futhi ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi njengohulumeni bayayiletha intuthuko kuyona yonke imiphakathi yamakhosi futhi bazokwenza lokhu ngokubambisana namakhosi. Ubuye waveza ukuthi baweseka ngokugcwele umthayi njengoba ubambe elikhulu iqhaza ekukhuluseni umnotho wendawo yakithi eMhlabuyalingana.
Ngeviki elizayo umkhosi ofanayo uzoba sesiGodlweni saseMachobeni, uzoholwa iSilo Samabandla.
Usuku: 14 February 2026
Iskhathi: 10:00
Indawo: Ehlalankosi eMfihlweni

